Sibambisene ne-Adventure Travel Trade Association, abaholi bohambo lokuzijabulisa, ukuze sinikeze ukutusa kwezokuphepha nezinqubo ezingcono zokukusiza ubungaze okokuzithokozisa okunomsebenzi wangaphandle.
Yenza incazelo yakho yokokuzithokozisa ibe yinhle
Ziphe isikhathi sokucabangela ukuthi yini eyenza okokuzithokozisa kwakho kwangaphandle kujabulise-futhi kuphephe.
- Chaza ngokucacile uma kunempilo, ukuqina komzimba, noma ezinye izimfuneko ezidingekayo
- Nikeza imininingwane mayelana nobude besikhathi, amazinga okuqina, namakhono adingekayo
- Thola imininingwane ngezimo zezulu ezingaba khona nendawo elindelekile
- Faka imininingwane ngezindlela zokuhamba ezihilelekile
Ukuxhumana kubalulekile
Ezinye izivakashi kungenzeka ziya kokokuzithokozisa okokuqala ngqa, ngakho ukukhulumisana kubalulekile ekuzithokoziseni okuphephile nokujabulisayo.
- Uma othile ebhukha, ungathumela umyalezo wokubingelela, futhi usize izivakashi zakho zizizwe zamukelekile futhi zikulungele
- Bazise ukuthi uyatholakala ukuze uphendule noma yimiphi imibuzo
- Buza ukuthi kukhona yini ukukhathazeka kwezempilo okungathinta ukubamba kwabo iqhaza, njengokungezwani komzimba nokudla okuthile noma isimo senhliziyo
Lungiselela izivakashi ngaphambi kokuba zifike
Qiniseka ukuthi izivakashi ziyazi ezingakulindela ngaphambi kosuku.
- Nikeza uhlu lwemishini, njengento yokuxosha izinambuzane noma imishini ekhethekile
- Phakamisa izicathulo ezinhle, ukudla, namanzi
- Bazise ngezinto zokuhamba, indawo yokupaka, nezindawo zokugezela
- Yabelana ngemininingwane yekhava yeselula endaweni oya kuyo, uma kungenzeka
Yiba nezinto zokugqoka ezifanele
Okokuzithokozisa kwakho sekuzoqala! Manje yithuba lakho lokugcina lokuhlolisisa ukuthi wonke umuntu ukulungele yini.
- Uma unikeza izinto zokugqoka qiniseka ukuthi zisesimweni esihle, zihlanzekile futhi zomile, futhi zingena kahle esivakashini ngasinye
- Hlola amaphakheji ezivakashi, izicathulo, nezinye izinto zokugqoka ukuze uqinisekise ukuthi zisesimweni esihle
- Phatha-futhi wazi indlela yokusebenzisa-ikhithi enkulu yosizo lokuqala yokuzinzisa isivakashi esilimele futhi sisuke ngokuphephile
Ukuphepha
I-Atta ITUSA ukuthi zonke izivakashi naBabungazi abahileleke kokokuzithokozisa balungiselele uhlelo lwezimo eziphuthumayo.
- Yiba nemininingwane yohambo ecacile, faka imininingwane eqondile ngalokho okufanele ukwenze uma isivakashi silahlekile noma silimele
- Qonda kahle umzila futhi ube nezinhlelo zokulondoloza uma kwenzeka umzila ohleliwe ungenakufinyelelwa
- Gcina inhlanzeko ekulungiseleleni ukudla nasekusebenziseni igumbi lokugezela
- Ukuqapha njalo inhlalakahle yababambiqhaza futhi uhlangabezane nezidingo zabo
- Prakthiza uhlelo lwakho lwezenzo zezimo eziphuthumayo kanye nendlela yokuphuma esivakashini uma kwenzeka okungalindelekile
- Khumbula, azikho izindleko noma eminye imiphumela yokukhansela okokuzithokozisa kwezimo eziphuthumayo, isimo sezulu, noma izinkinga zokuphepha
Khumbula umphakathi
NjengoMbungazi wokokuzithokozisa, unethuba elihle lokubuyisela endaweni ezungezile nasemphakathini wendawo. Enye yezindlela zokwenza lokhu ukwabelana nganoma yimiphi imithetho yendawo noma indlela yokuziphatha mayelana nokokuzithokozisa kwakho nezivakashi zakho. Ungakwazi futhi ukubheka indawo yangakini ngokunciphisa imfucuza, ukusebenzisa kabusha, nokunikeza abantu abasemphakathini.
Amacebiso aqondene nomsebenzi waBabungazi
Lezi zihloko zingakusiza ulungiselele imisebenzi ethile yangaphandle:
Izixwayiso zophathina
I-Adventure Travel Trade Association (ATTA): Inhlonipho ye-Adventure Travel Trade Association. ©2021 Adventure Travel Trade Association. Wonke amalungelo agodliwe.
Igama le-Adventure Travel Trade Association (ATTA) lisetshenziswa ngemvume yalo, okungenzi neze ukutusa noma ukuhlolwa, okucacile noma okushiwo, kwanoma yimuphi umkhiqizo, isevisi, umuntu, inkampani, umbono noma isikhundla sezombusazwe. I-Atta ayikhethi noma igunyaze, futhi ayibandakanyeki ekukhetheni noma ekugunyazeni, Okokuzithokozisa kwe-Airbnb noma kuBabungazi. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe nge-Adventure Travel Trade Association, vakashela i-adventuretravel.biz.