Imithetho yendawo ingase ihluke emithethweni yesifundazwe ephathelene nezindawo eziqashisayo. Sikukhuthaza ukuba ubuyekeze imithetho neziqondiso zendawo okuyo ngaphambi kokwamukela ukubhukha kwesikhathi eside.
Ezifundazweni nasezindaweni eziningi e-USA, izivakashi ezihlala ekhaya noma efulethini inyanga eyodwa noma ngaphezulu—inani elifana ncamashi lezinsuku kuye ngezindawo—zingase zithole amalungelo njengabaqashi. Ngokuvamile, lokhu kusho ukuthi imithetho yendawo yokuqashisa ingavikela izivakashi, futhi ungase ungakwazi ukuzikhipha endlini yakho ngaphandle kokusebenzisa izinqubo zasenkantolo ezidingekayo zokukhishwa komuntu endlini.
Ngokwesibonelo, eCalifornia, e-Illinois, naseNew York, umuntu kungathiwa usengumqashi wendawo yokuhlala ngemva kokuhlala izinsuku ezingu-30 ezilandelanayo. Umuntu ohlala nawe izinsuku ezingaphansi kuka-30 ngokuvamile akanamalungelo omqashi ngaphandle uma kunesivumelwano esibhaliwe esisho okuhlukile, kodwa izifundazwe azifani.
Lezi zimo ziyivelakancane, kodwa uma ziba khona, sizosebenza nawe ukuze sizame ukuxazulula inkinga nesivakashi sakho. Uma ubhekana nesimo esinjalo, tshela iqembu lethu labosizo elitholakala 24/7 ngokushesha ngangokunokwenzeka futhi sizokuthinta.
Uma uqashisa ngekhaya noma ifulethi lakho ekuhlaleni kwenyanga, cabangela ukuthi uyafuna yini izivakashi zisayine isivumelwano sokuqasha. Uma kunjalo, kufanele wenze lezi zimfuneko zicace emithethweni yendlu yakho ngaphambi kokuphothula ukubhukha. Imithetho elawula lezi zimo iyahlukahluka kuye ngokuthi uhlalaphi, ngakho qiniseka ukuthi uthintana nommeli wabaqashisi nabaqashi onolwazi ngemithetho neziqondiso zendawo okuyo.
Ukulawula ukuqashisa kuyiqoqo lemithetho ekhethekile ehlanganisa imikhawulo ekukhuphukeni kokuqashisa kanye nemingcele yokukhishwa endlini. Eminye imithetho yokulawula ukuqashisa endaweni ingase ibe namandla ngaphezu komthetho wesifundazwe, futhi nakuba izifundazwe eziningi noma izishayamthetho zingeke zilawule ukuqashisa, eminye imithetho isengabavikela abaqashi. Ngenxa yalezi zizathu, situsa ukuthi uxhumane neBhodi lokuqashisa lasendaweni okuyo, uMnyango Wezindaba Zabathengi, Ummeli-Jikelele, noma amanye ama-ejensi ukuze ufunde kabanzi mayelana nokulawula ukuqashisa nokuzinza kokuqashisa nangendlela le mithetho engase ikuthinte ngayo ukuhlala kwenyanga.
Izimiso zikhona cishe kuzo zonke izifundazwe ezivumela abanikazi bezindlu basebenzise izinqubo eziphuthumayo zasenkantolo ukuze bakhiphe abaqashi endlini. Inqubo ephuthumayo iyinqubo yasenkantolo evumela umnikazi wendlu ukuba aphinde athole indlu eqashiwe ngendlela esheshayo. Kufanele uxhumane nommeli wabaqashi nabaqashisi noma izinkantolo zesifundazwe okuso ukuze ufunde kabanzi ngemithetho yokukhishwa kwabaqashi lapho uhlala khona, ngoba ingase ithinte imvume onayo yokukhipha isivakashi esihlala kuze kweqe ekuhlaleni kwenyanga.